We are honoured to witness the inaugural opening of the KwaZulu-Natal Provincial Legislature by our King, oNgangezwe Lakhe.
Siyabonga kakhulu Hlanga Lomhlabathi ngamazwi akho agcwele ubuhlakani, ubuntu, kanye neziyalo ezizohlala njalo zisikhumbuza ukuthi sisebenzela abantu bakithi.
Bayede, namuhla sibengofakazi ngesikhathi kuqopheka umlando uBayede ethula inkulumo yakhe yokuqala ngqa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Ungumlomo ongathethi manga, siyazibophezela ukwenza njengoba usukhulumile Mageba!
As a province, we are honoured to have a progressive Monarch like you who does not only stand on the broad shoulders of our former kings, but also walks proudly in their footsteps to ensure that the cultural and social life of KwaZulu-Natal remain vibrant, significant and revered globally.
Silo Samabandla, your message to us was incisive, insightful and pointed us directly to focus on programmes to uplift our communities from the challenges of economic poverty and inequality. We appreciate your support to all our programmes as your government. We have no doubt that in you Bayede,we have a tireless champion for the development of the people of KwaZulu-Natal. You are indeed a shield of our nation. Ngaphansi kwamaphiko akho sizizwa sifudumele njengesizwe sakho Mageba.
Izeluleko zakho Hlanga Lomhlabathi zisakhile zasivusa imiqondo – futhi siyathembisa ukuthi sizolungisa lapho ofisa kulungiswe khona.
Your Majesty, we have noted your emphasis on the need for the economic empowerment of the people of KwaZulu-Natal and for us all to dirty our hands in the effort to make our lives better.
Sesiphetha, Ngangezwe lakhe, Siyabonga ukuthi uyilanga elihlanganisa zonke izizwe – elingabandlululi ngokwebala, okobulili nangokwenkolo nepolitiki. Njengelanga elikhanyisela wonke umuntu – nawe unguBaba wethu sonke esiFundazweni.
You are a powerful symbol of social cohesion and unity of the people of KwaZulu-Natal.
Thank you once again for reminding us that we are all part of something larger than ourselves. We are all sharing in this moment of new beginnings and renewal.
This is a powerful reminder that we are not alone in our struggles, and that we have the support and love of those around us. Thank you for inspiring us to work together to create a better future for the people of KwaZulu-Natal, the one that is alive with hope and possibility.
Siyabonga Silo Samabandla ngokuvuselela ithemba nokugqugquzela ubunye ukuze sisebenzele ukwakha isiFundazwe esithuthukayo nesikhulayo ngokomnotho.
Ubukhona bakho Ngonyama kuwukubusiswa kwalendlu. Sonke sesizoqina idolo nathi sime isibindi ngenxa yamazwi akho Mageba!
Ngalamazwi senanela inkulumo yakho Hlanga Lomhlabathi, egameni likaHulumeni nomphakathi wesiFundazwe sakithi sedlulisa ukubonga okukhulu kuNomthebe wesizwe nendlunkulu yonke.
Wena weSilo! Mageba!
EMAIL THIS ARTICLE SAVE THIS ARTICLE ARTICLE ENQUIRY
To subscribe email subscriptions@creamermedia.co.za or click here
To advertise email advertising@creamermedia.co.za or click here